Umlayezo
wokufundisa ngengculazi we- The
Three Amigos
Lesi isicelo kuzo zonke izinhlangano
zokusakaza e-Africa eseNingizimu
kanye nakumazwe omhlaba. Isandulela
ngculazi sidluliswa abantu besidlulisela kwabanye abantu . Ukudluliselwa kwesandulela ngculazi kungavinjwa ngokuguqulwa kwemiqondo ,labo abasengcupheni yokuhlaselwa
ilesisifo kumele bafundiswe izindlela zokuzivikela, kanti labo abaqbukayo nokungaziphathi kahle
kuyomele bakhukhuthazwe ukuthi bashintshe indlela abenza ngayo.
Ngikholelwa
ukuthi loluhlelo lwe –The Three Amigos
luyithuluzi elikhulu okumele lisetshenziswe ukuguqula imiqondo kanye nendlela yokuziphatha. Abantu , ikakhulukazi intsha ayivamile ukulalela uma utshelwa ukuthi
kumele yenzeni , noma ngabe lokho
etshelwa ngakho kuzosiza yona . Ukuguqula kwendlela
yokuphila kuba kuyena umuntu bese ezithathela yena isinqumo. Imifanekiso ye-The Three Amigos indlela elula yokudlulisa
umlayezo. Ukuyidlala njalo
lemifanekiso kungaheha uthando entsheni ekutheni bayilalele njengoba ihambisana nezinto ezingamahlaya. Lezizinto ezihlekisayo
zikhuluma ngezinto ezingamaqiniso okunokwenza ukuthi akulula ukukhuluma ngazo emiphakathini
I-The Three Amigos ,
ingumlayezo omncane , ukuze umlayezo ofana nalona uhlale
ezingqondweni zabantu uyadinga ukuthi ukhonjiswe izikhathi eziningana. Ngomgubha wosuku lwengculazi umhlaba wonke iMTV
e-Canada yadlala
I-The Three Amigos ezikhathi ezingamashumi amathathu nesikhombisa. Lokhu ukusakazwa okwenza umlayezo ufinyelele kwabaningi.
Ngibongela
bonke labo abayingxenye yokusungulwa kwe-The Three Amigos , babambe iqhaza elikhulu emkhankasweni wokulwa nesifo sengculazi ngokwakha umlayezo ofanayo oqondiswe kubantu abahlukene ngezilimi nangamasiko.Lemilayezo iba nomthelelo kuphela uma uyibona kumabonakude
. Nginxusa izinhlangano zokusakaza ukuthi zilusebenzise loluhlelo ukudlulisa umlayezo ongasindisa izimpilo zabantu ,uvikele nokudlulela phambili kwesifo sengculazi.
Mayisetshenziswe lemiyalezo , ingeze yavezwa
ngaphezu kwalokhu uma sakha isiko
, lokukhuthalela ukuzinakekela
, ukusebenzisa amajazi omkhwenyana beseke nalabo asebehaqwe ilesisifo
Singalwa nengculazi silethe uguquko ,
masidlulise umlayezo!
Inkosi inibusise